Nsuku zonke, idatha yenza amasevisi ethu akusebenzele kangcono
Ingakho kubalulekile ukuthi siyigcine iyimfihlo futhi iphephile – futhi sikufake olawulweni.
Idatha ikunika izimpendulo emibuzweni yakho — uma uyidinga
Ikusiza ukuthi uthole amagama alungile ongawasho, nganoma uluphi ulimi.
Futhi ikususa ku-A kuya ku-B…kuya ku-C, ngesikhathi.
Ikusiza ukuthi uthole ividiyo ekwenza uhlekele phezulu — noma ingoma yakho oyithandayo.
Futhi ikusiza ukuthi uthole wonke umuntu omthandayo kuso sonke isithombe osithathayo.
Kuyimfihlo. Ingakho sivikela idatha yakho.